Skip Navigation

DVD Ilustrado Multilíngue

The Biology of Prenatal Development


6 Meses - Nascimento


UKUFUNDA NGOKWENZEKAYO NGAPHAMBI KOKUZALA

.isiZulu [Zulu]


 

Baixar Versão em PDF  O Que é PDF?
 

Capítulo 43   5 a 6 Meses (20 a 24 Semanas): Responde ao Som; Cabelo e Pele; Idade de Viabilidade

Kumaviki awu 24 amajwabu amehlo ayaphinda avuleke futhi ingane ikhombisa ukucwayiza okunokwethuka. Lokhu kuphendula imisindo, yokuphazima kweso kuvame ukufika kuqala enganeni yesilisa.

Abacwaningi abaningana babika ukuthi ukuthola umsindo omkhulu kungayiphatha kabi impilo yengane. Imiphumela yokuphazima kweso ibandakanya ukushaya kwenhliziyo okusheshayo kwesikhathi eside, ingane igwinya ngokweqile, kuvele kushintshe nokuziphatha. Imiphumela yesikhathi eside ingabandakanya ubuthulu.

Izinga lokuphefumula lengane lingakhuphuka lifike kwimijikelezo yokudonsa nokukhipha umoya ewu 44 ngomzuzu.

Engxenyeni yokuthathu yesithathu yokukhulelwa, ukukhula ngamandla kobuchopho kudla ngaphezu kuka 50% wamandla asetshenziswa yingane. Isisindo sobuchopho sanda ngo 400 kuyaku 500%.

Kumaviki awu 26 amehlo akhiqiza izinyembezi.

Amehlo aphendula ukukhanya emva kuka 27 amaviki. Lokhu kuphendula kulawula umthamo wokukhanya okufika kwi-retina impilo yonke.

Zonke izingxenye ezidingekayo zekhono lokunuka elisebenzayo sezikhona. Ukucwaningwa kwezingane zangaphambi kwesikhathi ziveza ikhono lokuzwa amaphunga kumaviki awu 26 emva kokukhulelwa.

Ukufaka into ewuswidi kwi-amniotic fluid kwandisa izinga lokugwinya lengane. Ngokwehlukile, ukwehla kokugwinya kwengane kulandela ukufakwa kwento ebabayo. Izimo zobuso eziguqukile zivame ukulandela.

Ngochunge change lweminyakazo yemilenze enjengezinyathelo efana nokuhamba, ingane ishaya ungqimphothwe.

Ingane ibukeka kunciphile ukushwabana uma amafutha amanye engezeka ngaphansi kwesikhumba. Amafutha asemqoka ekugcineni ukushisa komzimba nasekugcineni amandla emva kokuzalwa.

Capítulo 44   7 a 8 Meses (28 a 32 Semanas): Discriminação de Sons, Estados Comportamentais

Kumaviki awu 28 ingane ingahlukanisa phakathi kwemisindo ephakeme nephansi.

Kumaviki awu 30, iminyakazo yokuphefumula iya ngokwanda futhi yenzeka ku 30 kuyaku 40% wesikhathi enganeni evamile.

Ngezinyanga ezine zokugcina zokukhulelwa, ingane ikhombisa izikhathi zeminyakazo evumelanayo ehlukaniswe yizikhathi zokuphumula. Le zimo zokuziphatha zikhombisa ubuxhakaxhaka obuya ngokwanda bohlelo lwemizwa olusemqoka.

Capítulo 45   Os Membros e a Pele

Kumaviki cishe awu 32, ama-alveoli eqiniso, noma amaseli angama"phakethe" omoya, aqala ukukhula emaphashini. Azoqhubeka nokwakheka kuze kube 8 iminyaka ingane yazalwa.

Kumaviki awu 35 ingane ibamba ngesandla kuqine.

Ukuvezeka kwengane ezintweni ezahlukene sengathi kunomthelela ekukhetheni okudliwayo emva kokuzalwa. Isibonelo, izingane omama bazo abebedla i-anise, into enika i-licorice ukunambitheka kwayo, zithanda i-anise emva kokuzalwa. Izingane ezingatholananga ne-anise zazingayithandi.

Capítulo 46   9 Meses até o Nascimento (36 Semanas até o Nascimento)

Ingane iqalisa ukusikwa ngokudedela ihomoni eningi okuthiwa yi-estrogen bese kuqala ushintsho olusuka esiswini luya ekuzalweni.

Ukusikwa kuba wukufingqeka okunamandla kwesibeletho, okuholela ekuzalweni kwengane.

Kusukela ekukhulelweni kuye ekuzalweni nangale, ukukhula komuntu kuyaguquguquka, kuyaqhubeka, futhi kunzulu. Okusha okutholwayo ngalo luhlelo olubabazekayo kuya ngokuveza umthelela osemqoka wokukhula kwengane esiswini empilweni yempilo yonke.

Ngokuqhubeka kokuqonda kwethu ukukhula komuntu kwasekuqaleni, kuyoqhubeka nekhono lethu lokwenza ngcono impilo - ngaphambi nangemuva kokuzalwa.
6 Meses - Nascimento