| |
Capítulo 1 Introdução
|
| |
| Uhlelo olubabazekayo lwe-zygote
eneseli elilodwa
eba wumuntu onamaseli angu
100-trillion mhlawumbe
yisehlo esigqame kunazo
zonke kwimvelo.
|
| Abaphenyi sebeyazi ukuthi
imisebenzi eminingi evamile
yomzimba womuntu omdala
isunguleka esesesiswini -
kusekude azalwe.
|
| Ukukhula ngaphambi kokuzalwa
sekuthathwa njengesikhathi
sokulungiselela
okuthi ngaso
umuntu okhulayo
athole izakhiwo eziningi,
enze namakhono
amaningi, okudingeka
ekuphileni esezelwe.
|
Capítulo 2 Terminologia
|
| Ukukhulelwa kubantu kuba
cishe wu 38 amaviki
kusukela ekuhlanganeni
kwembewu neqanda,
kuye ekuzalweni.
|
| Ngamaviki okuqala awu 8
emva kokukhulelwa,
umuntu okhulayo
kuthiwa wumbungu,
okuwukuthi "kukhula ngaphakathi."
Le sikhathi, okuthiwa
esombungu,
sigqame
ngokwakheka
kweningi lezinhlelo
ezisemqoka zomzimba.
|
| Ukusuka emva kwamaviki awu 8
kuya ekubeletheni,
"umuntu okhulayo
kuthiwa yi-fetus,"
okuwukuthi "okungakazalwa."
Ngale sikhathi,
okuthiwa esokungakazalwa,
umzimba uyakhula nezinhlelo
zawo ziqale ukusebenza.
|
| Bonke ubudala bombungu ne-fetus
kulo luhlelo
kusho isikhathi
kusukela ekukhulelweni.
|