| |
O Período Fetal (8 semanas até o Nascimento)
Capítulo 37 9 Semanas: Engole, Suspira e se Estica
|
| |
| Isikhathi somntwana ongakazalwa
siqhubeka aze azalwe.
|
| Kumaviki angu 9,
kuqala ukuncela isithupha
futhi ingane isingayigwinya
i-amniotic fluid.
|
| Ingane futhi
isingayibamba into,
iyise ikhanda
phambili nasemuva,
ivule ivale imihlathi, inyakazise
ulimi, izamule, izelule.
Izamukeli zemizwa ebusweni,
ezintendeni zezandla,
nasezintendeni zezinyawo
ziyezwa ukuthintwa.
"Ukuphendula ukuthintwa kancane
entendeni yonyawo,"
ingane izogobisa inqulu
nedolo mhlawumbe nezinzwane.
|
| Amajwabu amehlo manje
asevaleke ngci.
|
| Emphinjeni, ukuvela
kwemisipha yezwi
kusho ukuqala
kokukhula kwezwi.
|
| Ezinganeni zesifazane,
isibeletho siyabonakala
futhi amaseli enzalo angavuthiwe,
okuthiwa ama-oogonia,
ayaphindaphindeka
endlaleni yamaqanda.
Izitho zobulili
zangaphandle ziyacaca
ukuthi eyesilisa noma yesimame.
|
Capítulo 38 10 Semanas: Revira os olhos e Boceja, Unhas e Impressões Digitais
|
| |
| Ukukhula ngesivinini
phakathi kwamaviki 9 no 10
kwandisa isisindo
somzimba ngo 75%.
|
| Kumaviki awu 10, ukukhuthazwa
kwejwabu leso elingenhla
kudala ukugingqikela
ezansi kweso.
Ingane iyazamula futhi
ivula ivale umlomo kaningi.
|
| Iningi lezingane zincela
isithupha sesokudla.
Izingxenye zethumbu
enkabeni
zibuyela
esiswini.
|
| Ukuqina sekuyenzeka
emathanjeni amaningi.
|
| Izinzipho zeminwe nezezinzwane
ziqala ukukhula.
|
| Iminyatheliso yeminwe ehlukile
ivela kumaviki awu 10 emva kokukhulelwa.
Lokhu kungasetshenziselwa
ukukhonjwa impilo yonke.
|
Capítulo 39 11 Semanas: Absorve Glicose e Água
|
| |
| Kumaviki awu 11
ikhala nezindebe
sekuphelele.
Njenganoma iyiphi enye
ingxenye yomzimba,
ukubukeka kwako
kuzoshintsha esigabeni ngasinye
somjikelezo wempilo yomuntu.
|
| Ithumbu liqala ukumunca
iglukhozi namanzi
okugwinywe yingane.
|
| Yize noma ubulili buqokeka
ngesikhathi sokukhulelwa,
izitho zobulili zangaphandle
manje seziyahlukaniseka
njengesilisa noma isimame.
|