| |
Capítulo 40 3 a 4 Meses (12 a 16 Semanas): Papilas Gustativas, Movimento de Mandíbula, Reflexo de Sucção, Percepção dos Primeiros Movimentos do Feto
|
| |
| Phakathi kuka 11 no 12 amaviki,
isisindo sengane
sanda cishe ngo 60%.
Amaviki awu 12 abalula ukuphela
kwe-trimester yokuqala,
noma ingxenye yokuthathu,
yokukhulelwa.
|
| Izindlala okuzwa ukudla manje
agcwele emlonyeni.
|
| Ekuzalweni, amahlumela
okudla azosala
kuphela olimini
nasolwangeni.
|
| Ukukaka kuqala
kumaviki awu 12
kuqhubeke cishe amaviki awu 6.
Okokuqala okuphuma
ethunjini lengane
kuthiwa yi-meconium.
Yingxube
yama-enzymes okugaya ukudla,
amaphrotheni, namaseli afile
okukhishwa wumgudu
wokugaya ukudla.
|
| Kumaviki awu 12, ubude
bezingalo nemilenze kwangenhla
sekufike ekugcineni
kokuqhathaniswa nomzimba.
Izingalo nemilenze
kwangezansi kuyaphuza
ukufika
esilinganisweni sako.
|
| Ngaphandle komhlane
nengaphezulu lekhanda,
umzimba wonke wengane manje
uyakuzwa ukuthintwa kancane.
|
| Ukwehluka kokukhula
okuncike ebulilini
kuvela ngokokuqala.
Isibonelo, izingane zamantombazane
ziveza ukunyakaza kwemihlathi
kaningi ngaphezu kwezabafana.
|
| Ngokwehlukile ekubalekeni
okubonwe ngaphambidlana,
ukuthintwa eduze komlomo
manje sekudala
ukubheka ngasekuthintweni
nokuvula umlomo.
Lezi zenzo kuthiwa
yi "rooting reflex"
futhi siyaqhubeka nangemuva kokuzalwa,
kusize ingane ezelwe
ithole ibele likanina
uma incela.
|
| Ubuso buyaqhubeka nokuvuthwa
uma ukungena kwamafutha
kuqhubeka nokugcwalisa izihlathi
futhi kuqala ukumila kwamazinyo.
|
| Kumaviki awu 15, kufika
ama-stem cells akha igazi
aphindaphindeke emongweni wamathambo.
Iningi lokwakheka kwamaseli
egazi kuzokwenzeka lapha.
|
| Yize noma ukunyakaza kuqala
Kumbungu onamaviki awu 6,
owesimame okhulelwe uqala
ukuzwa ukunyakaza kombungu
phakathi kwamaviki 14 no 18.
Ngokwesiko, le sehlakalo
kuthiwa wukukhahlela.
|