| |
Capítulo 43 5 a 6 Meses (20 a 24 Semanas): Responde ao Som; Cabelo e Pele; Idade de Viabilidade
|
| |
| Kumaviki awu 24
amajwabu amehlo ayaphinda avuleke
futhi ingane ikhombisa
ukucwayiza okunokwethuka.
Lokhu kuphendula imisindo,
yokuphazima kweso
kuvame ukufika kuqala
enganeni yesilisa.
|
| Abacwaningi abaningana babika
ukuthi ukuthola umsindo omkhulu
kungayiphatha kabi
impilo yengane.
Imiphumela yokuphazima kweso
ibandakanya ukushaya kwenhliziyo
okusheshayo kwesikhathi eside,
ingane igwinya ngokweqile,
kuvele kushintshe nokuziphatha.
Imiphumela yesikhathi eside
ingabandakanya ubuthulu.
|
| Izinga lokuphefumula lengane
lingakhuphuka lifike
kwimijikelezo yokudonsa nokukhipha
umoya ewu 44 ngomzuzu.
|
| Engxenyeni yokuthathu
yesithathu yokukhulelwa,
ukukhula ngamandla kobuchopho kudla
ngaphezu kuka 50% wamandla
asetshenziswa yingane.
Isisindo sobuchopho sanda
ngo 400 kuyaku 500%.
|
| Kumaviki awu 26
amehlo akhiqiza izinyembezi.
Amehlo aphendula ukukhanya
emva kuka 27 amaviki.
Lokhu kuphendula kulawula
umthamo wokukhanya
okufika kwi-retina
impilo yonke.
|
| Zonke izingxenye ezidingekayo
zekhono lokunuka elisebenzayo
sezikhona.
Ukucwaningwa kwezingane
zangaphambi kwesikhathi
ziveza ikhono lokuzwa amaphunga
kumaviki awu 26
emva kokukhulelwa.
Ukufaka into ewuswidi
kwi-amniotic fluid
kwandisa izinga
lokugwinya lengane.
Ngokwehlukile, ukwehla
kokugwinya kwengane
kulandela ukufakwa
kwento ebabayo.
Izimo zobuso eziguqukile
zivame ukulandela.
|
| Ngochunge change lweminyakazo
yemilenze enjengezinyathelo
efana nokuhamba,
ingane ishaya ungqimphothwe.
|
| Ingane ibukeka
kunciphile ukushwabana
uma amafutha amanye
engezeka ngaphansi kwesikhumba.
Amafutha asemqoka
ekugcineni ukushisa komzimba
nasekugcineni amandla emva kokuzalwa.
|
Capítulo 44 7 a 8 Meses (28 a 32 Semanas): Discriminação de Sons, Estados Comportamentais
|
| |
| Kumaviki awu 28 ingane
ingahlukanisa
phakathi kwemisindo
ephakeme nephansi.
|
| Kumaviki awu 30, iminyakazo
yokuphefumula iya ngokwanda
futhi yenzeka ku 30 kuyaku 40%
wesikhathi enganeni evamile.
|
| Ngezinyanga ezine
zokugcina zokukhulelwa,
ingane ikhombisa izikhathi
zeminyakazo evumelanayo
ehlukaniswe yizikhathi zokuphumula.
Le zimo zokuziphatha
zikhombisa ubuxhakaxhaka
obuya ngokwanda
bohlelo lwemizwa olusemqoka.
|
Capítulo 45 Os Membros e a Pele
|
| |
| Kumaviki cishe awu 32,
ama-alveoli eqiniso,
noma amaseli angama"phakethe" omoya,
aqala ukukhula emaphashini.
Azoqhubeka nokwakheka kuze
kube 8 iminyaka ingane yazalwa.
|
| Kumaviki awu 35 ingane
ibamba ngesandla kuqine.
|
| Ukuvezeka kwengane
ezintweni ezahlukene
sengathi kunomthelela ekukhetheni
okudliwayo emva kokuzalwa.
Isibonelo, izingane omama
bazo abebedla i-anise,
into enika i-licorice
ukunambitheka kwayo,
zithanda i-anise
emva kokuzalwa.
Izingane ezingatholananga
ne-anise zazingayithandi.
|
Capítulo 46 9 Meses até o Nascimento (36 Semanas até o Nascimento)
|
| |
| Ingane iqalisa ukusikwa
ngokudedela ihomoni eningi
okuthiwa yi-estrogen
bese kuqala ushintsho olusuka
esiswini luya ekuzalweni.
Ukusikwa kuba wukufingqeka
okunamandla kwesibeletho,
okuholela ekuzalweni kwengane.
|
| Kusukela ekukhulelweni
kuye ekuzalweni nangale,
ukukhula komuntu kuyaguquguquka,
kuyaqhubeka, futhi kunzulu.
Okusha okutholwayo
ngalo luhlelo olubabazekayo
kuya ngokuveza umthelela osemqoka
wokukhula kwengane esiswini
empilweni yempilo yonke.
Ngokuqhubeka kokuqonda kwethu
ukukhula komuntu kwasekuqaleni,
kuyoqhubeka nekhono lethu
lokwenza ngcono impilo -
ngaphambi nangemuva kokuzalwa.
|