Skip Navigation

DVD Ilustrado Multilíngue

The Biology of Prenatal Development


6 - 8 Semanas


UKUFUNDA NGOKWENZEKAYO NGAPHAMBI KOKUZALA

.isiZulu [Zulu]


 

Baixar Versão em PDF  O Que é PDF?
 

Desenvolvimento Embrionário: 6 a 8 Semanas

Capítulo 20   6 Semanas: Movimento e Sensação

Kumaviki awu 6 ama-cerebral hemispheres akhula ngokushesha ngaphezu kwezinye izingxenye zobuchopho.

Umbungu uqala ukuzenzela iminyakazo ngokwawo. Lo mnyakazo uyadingeka ukusiza ukukhula kwemisipha nemizwa.

Ukuthintwa emlonyeni kwenza umbungu ugudluze ikhanda ngokulivikela.

Capítulo 21   A Orelha Externa e a Formação de Célula Sanguínea

Indlebe yangaphandle iqala ukwakheka.

Kumaviki awu 6, sekuqalile ukwakheka kwamaseli egazi esibindini lapho manje sekukhona ama-lymphocytes. Lo luhlobo lwamaseli amhlophe egazi yingxenye esemqoka yohlelo lwamasosha omzimba.

Capítulo 22   O Diafragma e os Intestinos

Untu, umsipha ophambili osebenza ekuphefumuleni, lusuke selwakhekile kumaviki awu 6.

Ingxenye yethumbu manje iphumele okwesikhashana enkabeni. Lo luhlelo oluvamile, okuthiwa yi-physiologic herniation, lunika isikhala ezinye izitho ezikhulayo esiswini.

Capítulo 23   Placas da Mão e Ondas Cerebrais

Kumaviki awu 6 amapuleti ezandla aba nokwendlaleka.

Amaza obuchopho aseqoshiwe kumaviki awu 6 no 2 wezinsuku.

Capítulo 24   Formação do Mamilo

Izingono zivela emaceleni omzimba ngaphambi kokufika endaweni yawo yokugcina ngaphambili kwesifuba.

Capítulo 25   Desenvolvimento dos Membros

Kumaviki angu 6 1/2, izindololwane sezicacile, iminwe isiqala ukwehlukana, nokunyakaza kwezandla kuyabonakala.

Ukwakheka kwamathambo, okuthiwa yi-ossification, kuqala ngaphakathi kwi-clavicle, noma ingqwababa, nakumathambo emihlathi.

Capítulo 26   7 Semanas: Soluços e Resposta a Susto

Ithwabi selike labonakala kumaviki awu 7.

Iminyakazo yemilenze isiyabonakala, kanye nokukhombisa ukwethuka.

Capítulo 27   O Coração Desenvolvido

Inhliziyo enamakamelo awu-4 isicishe iphelele. Ngokuvamile, manje inhliziyo isishaya 167 izikhathi ngomzuzu.

Ukusebenza kukagesi wenhliziyo okwaqoshwa kumaviki awu 7 1/2 kuveza umgudu wamaza ocishe ufane nowomuntu omdala.

Capítulo 28   Ovários e Olhos

Kwabesimame, izindlala zamaqanda ziyabonakala kumaviki awu 7.

Kumaviki awu 7 1/2, ulwebu lwehlo olunemibala lubonakala kalula futhi amajwabu amehlo aqala ukukhula ngesivinini.

Capítulo 29   Dedos das Mãos e dos Pés

Iminwe isihlukene kanti izinzwane zihlangene kuphela ngaphansi.

Izandla manje sezingathintana, ngokunjalo nezinyawo.

Amalunga amadolo asekhona.
6 - 8 Semanas